Uhulumeni useyiqedile imithetho esele ye-COVID-19.
Imithetho yokugqoka imaski endlini kanye nomkhawulo emicimbini yomphakathi nemibuthano yonke isuliwe.
UNgqongqoshe Wezempilo u-Joe Phaahla ushicilele izichibiyelo zakamuva kuGazethi Kahulumeni kusihlwa.
Isinqumo sikaPhaahla silandela umhlangano weNational Coronavirus Command Council, obucubungula ukuthi imithetho esele ye-COVID-19 isabalulekile yini.
UPhaahla kanye noNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMondli Gungubele, kulindeleke ukuthi batshele isizwe ngehora leshumi nanye ngoLwesine ekuseni.