UNdunankulu waKwaZulu-Natal,uSihle Zikalala,nowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu,babheme ipayipi lokuthula bahoxisa amacala abebebekane wona.

UMchunu, odume ngelikaMengameli waMabhinca,uthe uwahoxise amacala ngomoya wobuntu nobumbano kubantu bakulesi sifundazwe.

Laba bobabili bavulelana amacala kulandela isigameko okuthiwa senzeke eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJuni 4.

Ngaleso sikhathi, okhulumela amaphoyisa uCol Athlenda Mathe uthe kwavulwa icala lokushaya ngoMgqibelo kanti elinye lama-crimin injuria labhaliswa esiteshini esifanayo ngakusasa.

UMchunu usola ukuthi uZikalala umshaye esifubeni.

NgoMsombuluko ebusuku uMchunu nethimba lakhe elihlanganisa noLindokuhle Xulu, babambe isithangami nabezindaba lapho eveze khona ukuthi uyalihoxisa icala elibhekene noZikalala kulandela ukuxoxisana noNdunankulu.

Ngokusho kukaXulu, selokhu kwavulwa amacala, amalungu omndeni kaMchunu, abaholi bendabuko nabezenkolo bebelokhu bengenelela.

“Ngingasho ngokungananazi ukuthi uNgizwe usefinyelele esinqumweni kanye noNdunankulu ukuthi abhekane nezindaba zakhe ngokwesintu nangokwesiko. Isiko lethu linikezela ukuthi sibhekane nezinkinga ngendlela ebuyisela ukubuyisa – okusho ukuthi sisingatha izindaba ezifuna ukwakha umphakathi – indlela eyakha umphakathi kunokuwucekela phansi.

“Ngokubhekelela intshisekelo yesifundazwe, uNgizwe usefinyelele esinqumweni sokuthi angaqhubeki nalolu daba ngoba lunamandla okuhlukanisa abantu baseKZN. kabili,” kusho uXulu.

UMchunu uthe :“…Isiko lethu … lisiyalela ukuthi sihlale phansi sixazulule udaba lwethu ngokuthula. Ngingaqinisekisa uNdunankulu ukuthi angiyena usopolitiki. Ngifuna nje ukubona uguquko esifundazweni sakithi kwezomnotho namasiko. Njengondunankulu, usikweleta impilo engcono.”

Okhulumela uZikalala uMnuz Lennox Mabaso uthe: “UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala usibonile futhi uyasamukela isitatimende sikaMnu uNgizwe Mchunu. UNdunankulu uyakuqinisekisa ukuthi yena kanye noMnuz Ngizwe Mchunu banqume ngokuthula ukuthi bahoxise amacala abebebhekene nawo. Ihhovisi likaNdunankulu ngeke liphinde liphawule futhi lilucubungule lolu daba.”

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE