UMantashe usexwayise amalungu e-ANC ngokuthi ukushuba kwemibango yangaphakathi kuzoholela ekutheni le nhlangano ilahlekelwe amandla

Usihlalo kazwelonke we-African National Congress (ANC), uMnuz Gwede Mantashe, naye usexwayise amalungu e-ANC ngokuthi ukushuba kwemibango yangaphakathi kuzoholela ekutheni le nhlangano ilahlekelwe amandla.

UMantashe, ekhuluma namalungu aseFree State ngeSonto, unxuse ukuthi avikelwe uMengameli weqembu, uCyril Ramaphosa.

Kodwa uthe uRamaphosa uzosula uma eyalelwa yi-ANC.

URamaphosa, ophinde abe yinhloko yezwe, ugxekwe kulandela isikhalo sobugebengu asifaka ngowayeyiNhloko yezobuNhloli u-Arthur Fraser mayelana nokwebiwa nokufihlwa kwezigidi zamarandi epulazini lakhe iPhala Phala eLimpopo.

Umongameli wehlulekile ukunikeza impendulo eyanele ngalolu daba.

UMantashe, uthe uphiko lwemali engenayo nezinsiza kumele luqale luvunyelwe ukuthi luzenzele olwabo ucwaningo.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE