UMagashule: ‘Kumele ngivunyelwe ukuveza ukuthi ngimsulwa’

UNobhala-Jikelele we-ANC osamisiwe u-Ace Magasgule uthi kumele avunyelwe aveze ukuthi umsulwa enkantolo.

UMagashule usamile kwelokuthi awekho amacala noma ofakazi abekwe bona.

Ubekhuluma eLeratswana lapho umphakathi ubumhlonipha njengoNdunankulu waseFree State.

Lokhu kwenzeke kusasele izinsuku ezimbili ukuthi abuyele enkantolo lapho kuzolalelwa khona icala lakhe.

UMagashule ubhekene namacala enkohlakalo ahlobene nethenda ye-asbesto ka-R255 million.

Khonamanjalo, uMagashule uthi abakwaGupta kumele babuye bazosho ukuthi ngubani ngempela okhohlakele.

U-Atul noRajesh Gupta baboshwe eDubai e-United Arab Emirates.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE