UKhuzani uthi akatholanga ngisho indibilishi ngohlelo ‘iKhuzanibo’ olwalukhonjiswa kuSABC-1

Umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose usezwakalise ukukhathazeka kwakhe ekhasini lakhe likaFacebook namuhla eqinisekisa lezi zindaba, wathi:

“Sizwe sakithi nginenkinga sengithi anginibikele yona hleze ningiphe umbono ophusile ngalenkinga.
Ngasebenza ngenza uhlelo obelibizwa nge Khuzanibo! Obelukhonjiswa kwa SABC 1 kuze kube inamhlanje imali ayikho uma ngibuza kuvele kuthiwe u SABC awukakhokhi”

“Kodwa uma sihosha umoya kwabasondelene no Sabc kuthiwa u SABC wakhokha last year yonke imali”.

“Okubuhlungu noma sibabhalela ama emails abakwa SABC abaphenduli”.

“Lensizwa ebesenza nayo loluhlelo u Legend Manqele esahlanganiswa u Ayanda Melansi naye.
uAyanda Melansi uyena obewu Producer wale Show.
Sengibekezelile ngiyabona uNyaka uyaphela manje”.

“Lento ibuhlungu ngoba angifuni ukuyithatha ngesinxele hleze ngiyibhimbise kuncono ngibuze nina ukuthi ngenzenjani into ebuhlungu kakhulu ukuthi uLegend Manqele wakuchaza kimi ukuthi uMaskandi akawazi so waye wacela u Ayanda ukuthi amxhumanise nami aphinde abe seduze basebenze bonke manje angazike noma u Ayanda wayemxhumanisa nomuntu ababebona ukuthi uzoqoleka kalula yini uma sekunjena”.

“Ngicela u SABC 1 usitshele ukuthi ngabe iyona ndlela e right yini lena yokusebenza angiyena umuntu wodlame futhi kuthatha isikhathi ukuthi into ngiyikhulume okufike kube buhlungu kakhulu zonke izindawo bengizihamba ngezindleko zami kodwa ekugcineni sengenziwa kanjena?
Kungabe ukulunga kwami akufuneki yini emhlabeni?”.

“Ngiyacela ningitshelele u Ayanda Melansi no Legend Manqele kanye no SABC1 ukuthi ngiyabahlonipha nami angikhokhelwe uma ngisebenzile Ngiyabonga🙏SABC1- Mzansi Fo Sho Nkululeko Manqele Ayanda Melani”, – kusho UKhuzani.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE