Error

UNdunankulu uSihle Zikalala uvulele uNgizwe Mchunu icala lokushaya

Ngokwesitatimende esikhishwe wuHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natal, sekube nochungechunge lweziqephu zakamuva lapho uMchunu ejikijela uZikalalala ngamazwi ahlabayo nezinhlamba ngaphandle kwezizathu noma ukuchukuluzwa.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala uvule icala lobugebengu esiteshini samaphoyisa eDurban Central ebhekene nomsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu ngecala lokushaya nokulimaza ngemuva kwesigameko esenzeke emqhudelwaneni wengoma yengoma obuseMoses Mabhida Stadium izolo.

Ngokwesitatimende esikhishwe wuHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natal, sekube nochungechunge lweziqephu zakamuva lapho uMchunu ejikijela uNdunankulu ngamazwi ahlabayo nezithukuthezi ngaphandle kwezizathu noma ukuchukuluza.

“Ekuqhubekeni kwalesi sigameko sokuhlasela kukaNdunankulu esisabalele, izolo uMnu Mchunu ukushube lokhu ngesikhathi efika endaweni okukhethekile obekuhleli kuyo uNdunankulu, waqala ukuthuka uNdunankulu, kwaze kwadingeka ukuthi kungenelele abantu abaseduze. Ngosizo lonogada uNdunankulu kudingeke ukuthi awushiye umcimbi.

“Njengesisebenzi sikahulumeni nomuntu ozimele, uNdunankulu ugodla wonke amalungelo asebenzayo kuye ngokoMthethosisekelo wethu. Kulokhu uNdunankulu umi ngomumo futhi ubophekile ukusebenzisa yonke imigudu yomthetho ukuze azivikele nesithunzi sehhovisi aliphethe. ngokuhlaselwa kwabantu abanjengoMnuz Mchunu ngendlela engafanele.”

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE