UBig Zulu uzobopha ifindo likasofa silahlane maduze

Ngokubika kwe Daily Sun ,lo mculi wodumo lwengoma ethi Imali Eningi ogama lakhe langempela nguSiyabonga Nene,uthumele omalume bakhe ekuseni eSoweto ukuyokhokhela ilobolo lozoba unkosikazi wakhe, uLebogang Makenete.

Ngesikhathi ethintwa ukuba aphawule, uBig Zulu wenqabile ukunikeza imininingwane ngale mfihlo egcinwe kahle.

Izimoto eziningi bezipake ngaphandle komuzi,kunamadoda agqoke amabhantshi.

Kuncane okwaziwayo ngowesifazane owantshontsha inhliziyo kaBig Zulu. Ngokwemibiko edlule laba bobabili sebenesikhathi eside bendawonye.

UBig Zulu, waseBergville KwaZulu-Natal, wangena endimeni yomculo eminyakeni engu-10 edlule futhi wakhulula ingoma yakhe yokuqala ethi Donsa Nkabi ngo-2016.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE