U-Rachel Kunutu weSkeem Saam usengumlingisi weGenerations the Legacy

ULesego Marakalla ememezele ukuthi usebuyile emdlalweni ngokujoyina iGenerations The Legacy.

Lesi sihlabani sike sahlaba ikhefu ekulingiseni ukuze sigxile ezifundweni zaso ngokugcwele kodwa manje sesibuye nenhlokomo.

ULesego wagqama kakhulu ngemuva kokulingisa indawo kaRachel Kunutu, emdlalweni we-soapie owawina izindondo kuSABC1, iSkeem Saam eminyakeni embalwa edlule.

Isimo sakhe sangasese asenzanga kube lula ukuthola okuningi, ngaphandle kokuthi ubesiza abadlwenguliwe enhlanganweni yezempilo ebizwa nge-On Point Health Care, kodwa ubesebenzela ukuthi abuye.

Lo mlingisi ubonakale okokuqala emdlalweni iGenerations The Legacy izolo ebusuku.

ULesego ulingisa umlingani kaWinston ebugebengwini.

Abaningi babalandeli bakhe bayaziqhenya ngaye futhi bayamamukela esikrinini.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE