Umnyango Wezokuthutha eGauteng wethule uhlelo lwe-App lokusebenza ukubika ama-potholes
Kunesixazululo sabasebenzisi bomgwaqo abakhungathekile ukudambisa inkinga yemigodi eGauteng.
Umnyango wezokuThutha kanye nezeMigwaqo esifundazweni usebenzisa ubuchwepheshe ngohlelo lokusebenza (App) lokubika imigodi ukulungisa lezo zimbobo eziwuhlupho emgwaqeni.
Uhlelo lokusebenza lungalandwa ku-smartphone bese kuthi lapho umsebenzisi ebona i-pothole akwazi ukuyibika.
Uhlelo lokusebenza olubizwa nge-Potholefix GP selusungulwe uMnyango wezokuThutha neMigwaqo ngokubambisana noMkhandlu Wocwaningo Lwesayensi Nezimboni.
Kulindeleke ukuthi ibuyekeze umsebenzisi ngemva kombiko, inqubo yokwaba kuze kube yilapho umsebenzi usuphelile futhi nomgodi usulungisiwe.
UNgqongqoshe wezokuThutha neMigwaqo eGauteng uJacob Mamabolo uthi lesi yisinyathelo esingena enkathini yedijithali.
Uthe, “sandise futhi sathuthukisa amandla ethu okugcina nokwenza ngcono ikhono lokuthuthukisa inethiwekhi yethu yemigwaqo. Sinesiteji sedijithali esisezingeni eliphezulu esihlangana nemiphakathi kanye nabantu ”
#Umbuzo: Njengoba uMnyango wezokuThutha usahluleka ukulalela izikhalo zabashayeli abalezitha ngqo emahhovisi, bazokwazi yini ukuphendula kuhlelo lokusebenza (app)?
#IsambaneNews #SibuyaNazoZishisa