UShalen Panday oneminyaka engu-40 odume ngelika-PJ ushone ngemuva kokugxuma etekisini elaphuka amabhuleki lihamba eSoftwood Crescent eTrenance Park,KZN ekuseni (ngoLwesibili).

Izakhamuzi zithinte iReaction Unit South Africa (RUSA) ngezithuba zabo-06:07 ngemuva kokuba itekisi yohlobo lweToyota Hiace ishayise insimbi. Ngesikhathi efika uPanday utholwe edindilizile emgwaqeni opha kakhulu ngenxa yokulimala ekhanda.

Kutholakale ukuthi amabhuleki etekisi ehlulekile ngesikhathi uPanday evula isicabha setekisiezama ukugxumela endaweni ephephile kodwa washayisa insimbi ngekhanda. Umshayeli wazise iReaction Officers ukuthi weluleke uPanday ukuthi angagxumi njengoba ezama ukumisa imoto.

UPanday wayeqashwe njengomshayeli e-Seven Tours.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE