Inkundla engakaze isetshenziswe izobiza u-R84m ukuyidiliza
Inkundla engasebenzi izobiza u-R84-million ukuyidiliza!
Inkundla edle u-R140-million ukuyakha nengakaze isetshenziswe, isizodla u-R84-million ukuyidiliza.
Inkundla yaseTshwane i-HM Pitjie Stadium yakhiwa kabusha ngo-2010 ukuze isetshenziswe njengendawo yokuqeqesha amaqembu abambe iqhaza kwiNdebe Yomhlaba ye-FIFA ka-2010. Ngeshwa, inkundla ayizange isetshenziswe ngenxa “yomsebenzi ongemuhle”.
Ngokubika kwe Daily Maverick le nkundla ibize u-R140-million ukuyakha kanti isishiywe ukuthi ibe yimbi.
I-Daily Maverick manje isiwutholile umqulu lapho uNgqongqoshe waseGauteng uMbali Hlophe ememezele khona ukuthi imali elinganiselwa ku-R84.9-million izodingeka ukuze kudilizwe inkundla.
Okhulumela i-DA kwezemidlalo, ezobuciko, amaSiko nokuNgcebeleka eGauteng, uMnuz Kingsol Chabalala, uthe le mali ibonakala iphezulu ngendlela engafanele.
Lokhu kuphinde kwenzeke ngemuva kwesiphithiphithi esikhulu mayelana nesigxobo sefulegi elikhazimulayo ebumnyameni esibiza u-R22 million okuthiwa sizokwakhiwa.
Owayengumholi we-DA, uMmusi Maimane, naye ubhale ku-Twitter “ngesithombe” sika-R10 million esakhiwa uMasipala iSol Plaatje eKimberley ngo-2018.
Wonke la macala ahlobene nokugxekwa kwezakhamizi zaseNingizimu Afrika nosopolitiki ngendlela izimali zikahulumeni ezisetshenziswa ngayo.
Ungqongqoshe Wezobuciko Namasiko uNathi Mthethwa uzobuyekeza iphrojekthi yefulegi eliyindida obekumele imiswe eFreedom Park ePitoli. Lo msebenzi usudale ukugxekwa okukhulu emphakathini, njengoba kulindeleke ukuthi udle u-R22 million