Ugwetshwe udilikajele owesilisa waseKZN owadlwengula ingane eneminyaka engu-11

Ugwetshwe udilikajele owesilisa waKwaZulu-Natal owadlwengula ingane eneminyaka engu-11.

Ingane eneminyaka engu-11 ubudala yabukiswa i-video yezithombe zocansi yase idlwengulwa ngumalume wayo – kanti manje umlisa waKwaZulu-Natal kumele akhokhe ngaleli cala.

Inkantolo yesifunda saseNqutu kuleli sonto igwebe umsolwa, 35,udilikajele.

Intombazane yayikubo kamalume wayo ngoSepthemba 9, 2018 ngesikhathi eyiphoqa ukuthi ibukele i-video yocansi yase imdlwengula, kusho okhulumela amaphoyisa uLt-Col Nqobile Gwala.

“Wanikezwa u-R8 wasatshiswa ngokuthi uzobulawa uma etshela noma ngubani.

“Isisulu saba nesibindi sanquma ukubika udaba kwabadala baso.”
Ngemuva kokuvela kaningi enkantolo, umdlwenguli wagcina egwetshwe enkantolo.

Uphinde wahlonzwa njengomuntu ongakufanelekeli ukuba nesibhamu kanti igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabahlukumeza ngokocansi, kusho uGwala.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE