Error

Owayengumfundi wezindaba ku-NNCR 103.7fm osengumlaleli usezwakalise ukukhathazeka kwakhe kubaphathi besiteshi iNNCR

Lokhu kuza ngemuva kokukhishwa ekhasini lomsakazo likaFacebook elithi ‘103.7fm’

Owayengumfundi wezindaba ku-NNCR 103.7fm, uSandile “Msejo” Mahlaba ukhala ngokukhishwa ekhasini lomsakazo womphakathi waseNewcastle kuFacebook, uthi akazi ukuthi kungani asuswa.

UMahlaba ubhale ekhasini lakhe likaFacebook ezwakalisa isikhalo sakhe kuNNCR 103.7fm ezwakalisa ukungenami kwakhe kubaphathi besiteshi ngemuva kokususwa ekhasini likaFacebook.

UMsejo obukeka esazifela ngokusakaza futhi inhliziyo yakhe ibuhlungu ngemuva kwalesi sigameko uthi akazi ukuthi kungani ekhishiwe kuleli khasi futhi lokho kumphatha kabi., yingakho ebhale lezi zindaba ezwakalisa ukukhathazeka kwakhe kubaphathi bomsakazo.

Ngomhla ziyi-17 kuNhlaba wabhala wathi: “Dear NCR 103.7FM admin ningikhipheleni kuPage lenu🤣🤣🤣 yaz ngikhathazekile njengomlaleli angisakwazi ukuphawula😭😭😭 yazi ninesono, aw naze nangi blocker pho🤣🤣🤣🤣🤣 sengzophawula emoyeni ke aningiphi inamba…. Bonginkosi Jele awungikhulumele phela🤣🤣🤣🤣🤣 unesono uAdmin wale page…abamaziyo abamu tag ngizombona”,esho.

Kuyacaca ukuthi uMsejo owayengumfundi wezindaba weNewcastle Community Radio usazifela ngomsakazo njengoba ekhala ngokususwa ekhasini lenkundla yezokuxhumana uFacebook engazi ukuthi kungani.

Uphinde wabhala okunye okumkhathazayo kubaphathi besiteshi namuhla mhla zili-18 kuNhlaba.

Uthe:”Uphenyo lwami lamuthola ongiblocke kupage le NCR 103.7FM 🤣🤣😄😄waphinde wangikhipha kulo….omunye wabaphethe lapha 🙆‍♂️🙆‍♂️🙆‍♂️🙆‍♂️ ngsafuna ukuqinisekisa bese ngyabuya ngzonitshela igama lakhe uyanginyela lo 🤔🤔🤔 yaz..ucabanga ukuthi leRadio eyakhe kant eyethi mphakathi😳😳😳…uzongthola kahle..akangazi kahle abongbuza kwinkunzi ezaziphethe lapha kdala oNondala”, esho.

Siyi Sambane silusukumele phezulu udaba lukaMsejo njengoba elokhu ekhale njalo ngokuphatheka kabi kulandela ukukhishwa kwakhe ekhasini lomsakazo likaFacebook njengoba esengumlaleli wesiteshi abesakaza kuso.

Siyethemba ukuthi abaphathi bomsakazo INNCR bazoluzwa udaba lwakhe, bambuyisele ekhasini labo likaFacebook.

#IsambaneNews #SibuyaNazoZishisa

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE