Kushone oyedwa engozini eyenzeke ku-N3
Kushone umuntu oyedwa engozini yezimoto ezintathu nebhasi ebangele ukuvalwa komgwaqo omkhulu namhlanje ekuseni ku-N3 obheke eningizimu.
Abezimo eziphuthumayo bakwa-Mi7 endaweni yesigameko basize ekukhipheni umuntu oyedwa obevaleleke emfucumfucwini yemoto yokulethwa, ebingene ngaphansi kwebhasi. Okubuhlungu wukuthi lo mlisa obeshayela imoto edilivayo akasindanga kanti kuthiwa ushonele endaweni yesigameko.
Phambilini namhlanje ekuseni,ngemva nje kwehora lesithupha ekuseni, kuthunyelwe abezimo eziphuthumayo beMi7 National Group ngemuva kwemibiko yengozi yemoto eyenzeke ku-N3 Southbound phakathi kukaPeter Brown Drive no-Armitage Road.
“AbeMi7 bathole ibhasi ebeligcwele abagibeli lishayisane nemoto yokuthutha, ibisingene ngaphansi kwebhasi kanye neloli. Abagibeli bebhasi batholwe bemi ngasemgwaqeni wesikhungo. Ubeyedwa kuphela umgibeli ohlolwe ukuthi alimele yini. wayengenakulimala.
“Emuva kwamahora amabili kuhlangene abezicishamlilo baseMgungundlovu, abeMi7 Rescue kanye nabashayeli bamaloli adonsa kanzima, lo mlisa ukhishwe ngempumelelo. Nokho kuthe uma kuhlolwa kwatholakala ukuthi ushonile kanti kuthiwa useshonile endaweni yesigameko. .