Error

ITheku lizoba nengqungquthela yamazwe ngamazwe yokubhekana nokusetshenziswa kwezingane

Ingqungquthela yomhlaba wonke yokusiza ukuthola izindlela zokuqeda ukuxhashazwa kwezingane izoba seThekwini kule nyanga.

Kungokokuqala ukuthi ingqungquthela yomhlaba wonke yokuqedwa kokuqashwa kwezingane ibanjelwe e-Afrika. Ngokwe-International Labour Organisation (ILO) izingane ezingaphezu kwezigidi eziyi-160 ziyizisebenzi. Bangaphezu kwengxenye eyodwa kwezintathu kubo abaphumile esikoleni.

Ezolimo kuthiwa yizona ezihamba phambili ekuxhashazweni kwezingane emhlabeni jikelele.

“Sesifikile isikhathi sokuthi umphakathi womhlaba uhlangane ezweni lase-Afrika ukuze uthole izixazululo ezizosiza izwekazi lethu, ikakhulukazi, ukubhekana nesibalo esiphezulu sokwanda kwezingane ezisebenzayo,” kusho ungqongqoshe wezabaSebenzi uThulas Nxesi.

Le ngqungquthela izoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) eThekwini kusukela ngoMeyi 15-20.

Kulindeleke ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa avule ingqungquthela. Uzoshiyelana inkundla nosihlalo weSouthern African Development Community kanye noMengameli waseMalawi uLazarus McCarthy Chakwera, umqondisi-jikelele we-ILO uGuy Ryder kanye noMengameli wase-Argentina u-Alberto Ángel Fernández Pérez (virtual).

Le ngqungquthela izohanjelwa amalungu e-ILO, izinhlangano zamazwe ngamazwe nezesifunda, izinhlangano zomphakathi, izikhungo zocwaningo, izinhlangano eziyisisekelo, ochwepheshe ngabanye kanye nabahlonishwe ngendondo kaNobel.

“Emuva kwenhlekelele yemvelo eyenzeke KwaZulu-Natal naseThekwini emasontweni edlule, kubalulekile ukuthi le ngqungquthela siyibambe eThekwini ukuze sikhombise ukweseka nobumbano kubantu besifundazwe naseNingizimu Afrika.

“Njengengxenye yokukhombisa ubumbano, abagqugquzeli bengqungquthela bathathe isinqumo sokuyiyeka imicimbi ejwayelekile,” kusho uNxesi.

Uthe izinsiza ebezingasetshenziswa uma kunemicimbi yomphakathi zizonikelelwa izisulu zezikhukhula.

Izithunywa ezingaphezu kwezi-4 000, ingxenye yazo ezozihambela mathupha, kulindeleke ukuthi zixoxisane ngemikhuba emihle, zihlonze izikhala kanye nezindlela eziphuthumayo ezidingekayo ukuze kusizwe izisebenzi zezingane.

I-ILO ichaza igama elithi “ukusetshenziswa kwezingane” njengomsebenzi ophuca izingane ubuntwana bazo, amandla azo nesithunzi, futhi oyingozi ekukhuleni ngokomzimba nangokwengqondo. Kubhekiselwa emsebenzini oyingozi ngokwengqondo, ngokomzimba, ngokwenhlalo noma ekuziphatheni futhi oyingozi ezinganeni kanye/noma ophazamisa ukufunda kwazo.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE