UNgqongqoshe wezeMfundo eKZN,uMnuz Kwazi Mshengu uthi izikole zase-KZN zibuyela kancane esimeni esejwayelekile
IKwaZulu-Natal inethemba lokuthi bonke abafundi bayo bazobuyela esikoleni ngesonto elizayo.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mshengu uvakashele esikoleni Ubuhlebesizwe Secondary eNdwedwe.
Uthi kancane kancane izinto zibuyela kwesijwayelekile ngemuva kwezikhukhula.
“Izinto ziya ngokujwayelekile kancane. Nokho, kuzosithatha isikhathi. Zingu-630 izikole ezilimele,” usho kanje.
“Ukulungisa kusaqhubeka, sithathe isinqumo sokuthi sibeke eqhulwini ngaphakathi ukuze sizame ukuvala umonakalo ngesikhathi sisalinde imali yesikhwama sokusiza ezinhlekeleleni.
“Izikole eziningi zibuyela esikhathini esijwayelekile sokufundisa. Siyethemba ukuthi ngesonto elizayo kumele sikwazi ukubuyisela wonke umuntu esikoleni.”