Error

Isibalo sabashone ngenxa yezikhukhula eKZN senyukele ku-59

Sesifinyelele ku-59 isibalo sabantu abashone ngenxa yezikhukhula KwaZulu-Natal.

Uhulumeni waseKZN uthi bangu-45 abantu abashone eThekwini, kwathi abanye abangu-14 bashona eNdwedwe naKwaDukuza.

UNdunankulu uSihle Zikalala ubize umhlangano oyisipesheli ukuze athole umbiko ngale nhlekelele.

UZikalala ufuna kumenyezelwe isimo senhlekelele.

Izimvula ezinamandla zihlasele KwaZulu-Natal kusukela ngempelasonto, okudale izikhukhula ezigugule amabhuloho, imizi, izimoto nemigwaqo.

okubangela umonakalo omkhulu wengqalasizinda. Imiphakathi eyakhelene nemifula iyaxwayiswa ukuthi ithuthe ngokushesha.

Ngokusho kukaZikalala umonakalo ulinganiselwa ezigidini zamarandi.

UMengameli Cyril Ramaphosa uzovakashela eKZN kusasa ukuyobheka umonakalo.

Khonamanjalo, uZikalala ubagxekile abagebenga amaloli ku-N2 ngaseMlazi.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE