Uthisha udlwengule abafundi abangu-13 wakhulelisa abangu-8 kubo

Uthisha wesilisa e-Indonesia uthuse umhlaba wonke ngezenzo ezimbi azenze ezinganeni okufanele azibumbe ukuze zibe nekusasa elingcono anganukubezi.

UHerry Wirawan uthisha wasesikoleni samaSulumane e-Indonesia ugwetshwe intambo yinkantolo yase-Indonesia ngokudlwengula abafundi abangu-13 nokukhulelisa abayisi-8 kubo. Njengoba egwetshwe intambo, abashushisi bakuthola kufanelekile ukucela isigwebo sentambo.

Lezi zigameko sezivule amehlo abantu base-Indonesia ukuthi bathole ezinye izindlela zokuvikela izingane ezikhungethe ucansi ikakhulukazi ezifunda ezikoleni okuhlalwa kuzo.

U-Wirawan utholwe enecala yinkantolo yomthetho e-Bandung ngoFebhuwari 2022. Ijaji lithe babeka ummangalelwa icala ngesigwebo sentambo. Lokhu sekulotshwe kusizindalwazi seNkantolo eNkulu yaseBandung.

Ummeli kaHerry, u-Ira Mambo wenqabile ukuphawula ngesikhalazo esiqhubekayo sesigwebo sentambo ngabashushisi.

Zonke izisulu zikathisha wamaSulumane zaziyizingane ngaphambi kokuba kwenzeke udlame locansi. Iminyaka yabo yayisukela kwengu-12 kuye kweyi-16. Kunenhlangano esekela uthisha ukuze athole isigwebo sentambo, lokhu kuhlanganisa nomnyango wezingane wezwe. Nokho, amalungelo abantu esizwe acula iculo elihlukile. Bakholelwa ukuthi isigwebo sentambo asifanele.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE