UBheki Cele uvakashele eDiepsloot lapho izakhamuzi bezithukuthele zigane unwabu zithi ubugebengu abusalawuleki

South African Minister of Police Bheki Cele speaks with Zulu residents of the Jeppe Men Hostel in the Johannesburg CBD on September 3, 2019 after South Africa's financial capital was hit by a new wave of anti-foreigner violence. - The township was scene to a second night of urban rioting in Johannesburg, where hundreds of people marched through the streets on September 2 in an unusually large expression of anti-foreigner sentiment. Such violence breaks out sporadically in South Africa where many nationals blame immigrants for high unemployment, particularly in manual labour. (Photo by Michele Spatari / AFP)

Umphakathi waseDiepsloot, eNyakatho neGoli ubhikishela izinga eliphezulu lobugebengu emijondolo.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kanye noKhomishana wamaphoyisa uGen Fannie Masemola bavakashele eDiepsloot enyakatho neGoli ngoLwesithathu njengoba umphakathi usabisa ngokuvala le ndawo futhi ukhiphe nezigebengu ngoLwesine.

Izakhamuzi ezithukuthele zithi izigebengu zinesandla esivulekile futhi amaphoyisa awenzi lutho ngalokho. Ekhuluma ne-eNCA, omunye wabo uthe abokufika bayathinteka ebugebengwini.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGauteng, uFaith Mazibuko, naye ubeseDiepsloot ukuzozwa izikhalo zabo.

Abahlali bathe zisatshiswa yizigebengu kanti ziningi izigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo muva nje.

Babalelwa ku-200 ababhikishi bahlangane ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa eDiepsloot bezolalela uCele. UCele noMasemola bafikile bezoxoxa nabaphathi bamaphoyisa.

Amakhulu ezakhamuzi zaseDiepsloot abuthene ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa elinde izethameli nongqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele.
Amakhulu ezakhamuzi zaseDiepsloot abuthene ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa elinde izethameli nongqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele.

Okhulumela uCele, uLirandzu Themba, uthe ungqongqoshe kanye noMasemola kulindeleke ukuthi bahlangane noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uMaj-Gen Girly Mbele nethimba lakhe labaphathi eDiepsloot, ukuze kubhungwe futhi kutholakale izixazululo ezihlala njalo ezinkingeni zamaphoyisa zomphakathi.

Ikhansela lendawo uMnuz Abraham Mabuke lithe lilindele ukuthi uCele anikeze umphakathi isiqiniseko sokuthi kuzotshalwa amaphoyisa nezimoto eziningi kule ndawo.

“Silindele ukuthi sihambe nongqongqoshe namhlanje ukuze abone ukuthi inkinga ikuphi … Silindele ukungena naye umuzi nomuzi lapho bebulawelwe khona labo bantu, akwazi ukuzibonela.

“Ungqongqoshe kumele asinikeze izikhathi ezibekiwe zokuthi amaphoyisa nabantu boMnyango wezaseKhaya bazokwenza umkhankaso wokungena umuzi nomuzi … bethungatha bonke laba bantu bokufika ngokungemthetho. Sekunesikhathi eside sicula ingoma efanayo yokuthi abantu abafanayo bayinkinga.”

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE