Kuboshwe owesifazane owashaya wabulala umshana wakhe oneminyaka engu-16
Kusolwa ukuthi lona wesifazane nendodana yakhe eneminyaka engu-14 ubudala bashaye babulala umshana oneminyaka engu-16 owayebavakashele eTsakane esuka eDaveyton eGoli.
Owesifazane uqashe abantu abazomba umgodi ethi ufuna ukufaka ithangi likaJojo. Wakhokhela amadoda ngokumba umgodi wabe esegqiba isidumbu somshana.