Umshayeli weloli waseZimbabwe ushayise iveni yamaphoyisa kwashona amaphoyisa amabili aseNingizimu Afrika
Umshayeli weloli waseZimbabwe ubulale amaphoyisa amabili eSouth African Police Services eLimpopo Hoedspruit,kubikwa ukuthi iloli lakhe nelingenawo amadiski anelayisensi,engenazo nezincwadi zokushayela njengoba engekho emthethweni kuleli.
Kuvele ukuthi kulesi simo iloli liqhamuke ngesivinini ngemuva ngesikhathi lishayisa imoto yamaphoyisa layishaya laze layigxoba nokwathi ngemuva kwalokho amaphoyisa abephakathi kule moto kwase kumuncu yonke indawo ngoba ibingekho indlela yokuthi baye basinde.