Kuboshwe owesilisa ngecala lokudlwengula idada,inkukhu nenja kamakhelwane.

Amaphoyisa aseBotswana abophe indoda eneminyaka engu-33 ubudala okusolwa ukuthi ibanjwe ocansini nedada,inkukhu nenja kamakhelwane wayo.

Ngesikhathi kulandelwa imininingwane,uLebalang Maniki ongumkhuzi wesiteshi samaphoyisa saseFrancistown usiqinisekisile lesi sigameko. Unqabile nokho ukudalula eminye imininingwane njengoba bekungakaphothulwa icala.

Ngokusho komkhuzi wamaphoyisa,umsolwa uboshwe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu zingama-25 kuNdasa wezi-2022. Iziphathimandla zakuleliya lizwe elingumakhelwane zithi zisaqoqa bonke ubufakazi ngalolu daba ukuze luphothulwe yizinkantolo.

Imibiko ethinta leli cala iveze ukuthi umsolwa udedeliwe kanti uphenywa ngamacala amabili emacaleni amathathu amaphoyisa awabize ngamacala aphambene nemvelo.

Umnikazi wezilwane ezihlukunyeziwe ubikele amaphoyisa ngezigameko zokulala nezilwane. Uphinde waphumela obala ngecala wacela ukuthi umsolwa agqunywe ejele isikhathi eside. Uthi umndeni ukholelwa ukuthi usenesikhathi eside ehlukumeza lezi zilwane futhi angase abe yingozi emphakathini, ngokusho kwephephandaba.

Ngokombiko weZambia365news,izinhlangano ezilwela amalungelo ezilwane zikhathazekile ngesibalo sezigameko zokulala nezilwane ezweni. Ngonyaka odlule indoda eneminyaka engu-28 ubudala yasesigodini saseDovedale nayo yabanjwa inukubeza imbuzi ngokocansi.

Ngokusho kwabameli bamalungelo ezilwane,kubonakala kunesibalo esiphezulu kakhulu sabantu ababanjwa benza ucansi nezilwane.

Emuva ngonyaka ka-2021, amaphoyisa abopha indoda eneminyaka engu-67 ubudala e-Andheri West eMumbai. Umsolwa usolwa ngokudlwengula izinja ezingaphezu kuka-30 ezilahlekile, ngokusho kwabezindaba zendawo.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE