Udadewabo kaKelly Khumalo, uZandie,usephawulile ngeDocumetary emayelana nokufa kukaSenzo Meyiwa,ethi iwuhlelo nje lokwenza imali.
Udadewabo kaKelly Khumalo uZandie Khumalo usevule isifuba nge-documentary ezayo yeNetfix ezobe ikhuluma ngokubulawa kukaSenzo Meyiwa emzini wakubo.
Lo mculi usola ukuthi le documentary iwuhlelo lokwenza imali,wengeza ngokuthi abadidiyeli balolu hlelo abazange bamfonele ukuze aphawule.Lesi sihlabani siveze ukuthi sizoba nenkinga uma igama laso lingena ngaphandle kwemvume yaso ohlelweni oluphumayo lwe-Netflix ngomhlaka-7 Ephreli
Udadewabo kaKelly Khumalo uphendule ngemuva kokuthi iNetflix imemezele iDocumentary ezayo ngokubulawa kukanozinti weBafana Bafana uSenzo Meyiwa.
Lo mdlalo uzokhonjiswa okokuqala mhla ziyisi-7 kuMbasa kanti abaningi abasakwazi ukulinda ukuthola ukuthi uzodalulwa yini ungqondongqondo ekubulaweni kukakaputeni we-Orlando Pirates.
Kubikwa ukuthi uZandie Khumalo uthe lo doccie “uwuhlelo lokwenza imali”. I-ZAlebs ibika ukuthi lo mculi utshele iDaily Sun ukuthi akafuni yingxenye yalo mdlalo. Kubikwa ukuthi uZandie wayengomunye wabantu ababesendlini kamama wakhe ngesikhathi uSenzo edutshulwa.
Umbuzo: Ucabanga ukuthi uZandile kukhona akufihlayo ngokushona kukaMeyiwa? phela uthi akafuni ukuba yinxenye yaloluhlelo futhi abadidiyeli bale-Documentary bazoba nenkinga enkulu uma bengafaka igama lakhe ngaphandle kwemvume yakhe ohlelweni oluzayo lweNetflix ngo-April 7 ngokushona kukaSenzo!.UZandie wayekhona ngesikhathi kubulawa uSenzo kodwa manje uthi akafuni ukuba yingxenye yaloluhlelo,ngokubona kwakho ingabe kukhona akufihlayo uZandile?