Uthishanhloko waseNkandla,KZN ubanjwe eziphoqa kumfundi endaweni aqashe kuyona
Uthishanhloko ubanjwe oqotsheni eziphoqa kumfundi endaweni aqashe kuyona, uthishanhloko ungowesinye sezikole endaweni ebizwa ngokuthi Eqhudeni Kwabaloyi eNkandla.Esebonile ukuthi ubanjiwe wabaleka kanti namanje usagcwele amathafa. Abafundi bakulesi sikole babambe oqotsheni uthishanhloko wabe esenquma ukubalekela impilo yakhe. Wanyamalala esikoleni ngelanga lesigameko. Amaphoyisa abelokhu eqaphile nawo azamile ukumbheka kodwa lutho. Ngokusho kwabezindaba umufi wenza u-grade 11 kanti ungowasoNdini endaweni ngenxa yesikole.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngemuva kokuthi abafundi beziphuzele nothishanhloko, kanti kukholakala ukuthi uthishanhloko wasebenzisa lelo thuba ukwenza lobu bugebengu. Abezindaba bakwazile ukukhuluma nesisulu ebesigcinwe ngazwi linye ukuze sivikeleke. Wathi esephuzile abangani bakhe bamthatha bamusa ekamelweni lakhe baqhubeka nokuphuza kwelinye igumbi. Kuthiwa uthishanhloko wabe esenyonyoba lapho bekulele khona umufi wafike waziphoqa.
Uzakwabo wanquma ukuthi afike azothatha okuthile ekamelweni labo, wathi efika wabona ukuthi ikamelo selikhiyiwe ngaphakathi, wabe esenquma ukulunguza ngefasitela wabona uthishanhloko omubi esenza into engacabangeki. Isisulu silandisa ukuthi asibonanga lutho njengoba sasidakwe kakhulu kodwa savele sabona ukuthi umzimba waso wawuhlukile ngandlela thize. Lapho evuka izingubo zakhe zaziklebhukile futhi wayengagqokile lutho. Ontanga yakhe babe sebemxoxela ngosizi olusanda kumehlela.
Umfundi wethuka waze wajabha ngesikhathi esifanayo, waze waya esibhedlela esingaphakathi kwegceke lesikole ukuze ayohlolwa. Ngokwemithombo ekulezi zindawo, ukuphoqwa kwabantu besifazane ngenkani kuyinsakavukela umchilo wesidwaba kule ndawo futhi akuthathelwa phezulu futhi namacala awalandelwa kahle. Bakholelwa ukuthi abasolwa bafaka okuthile eziphuzweni zabo ukuze badakwe kakhulu bengaboni lutho.
Lo mfundi uhlaselwe wuthisha omkhulu ngenxa yalesi sizathu, akakwazi ukuqhubeka nokufunda endaweni uMnyango wezeMfundo kumele umtholele esinye isikole lapho ezophothula khona izifundo zakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uThembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi icala livulwe ngowesifazane oneminyaka engu-23 kwaBaloyi kanti icala liphenywa eKhombe.