Error

Owesifazane waseZimbabwe udlwengulwe eVerulam, eKZN

Owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala waseZimbabwe udlwengulwe ngowesilisa obemgaqele ngesikhathi eshiya umakhalekhukhwini esitolo esiku-Wick Street, eVerulam ngoMgqibelo ntambama.

Lo wesifazane wagibela itekisi esuka kubo eya eVerulam Central Business District ukuyolungisa umakhalekhukhwini wakhe.
Ngesikhathi lo wesifazane ephuma esitolo wahlangatshezwa ngowesilisa ongaziwa owakhipha ummese wamcela ukuba ahambe naye.

Wamholela phansi eThompson lane lapho amcela khona ukuthi amkhumule izingubo wabe eseyandulela ngokumdlwengula nokumphuca u-R400 nomakhalekhukhwini uma eqeda.

Kuthe owesilisa esezohamba kwafika owesifazane kubo wakhuluma nomsolwa ngaphambi kokuba aphendukele kumgilwa wamtshela ukuthi uma eyobikela abomthetho ngokudlwengulwa bazomthungatha bambulale.

Lona wesifazane ube esenikeza isisulu u-R100 awuthathe kumsolwa wathi akahambe.

Ngokusho kwesisulu esitshele amaphoyisa akwa-RUSA sikholelwa ukuthi owesifazane ubesebenza ngocansi wabe esenikeza incazelo yomdlwenguli nowesifazane abasongela amalungu e-RUSA.

Isithombe: Amalungu e-RUSA abonakala ebuza owesifazane owayebandakanyeka kulesi sigameko.

Amaphoyisa aseReaction Unit South Africa (RUSA) abe esezulazula enkabeni yedolobha laseVerulam akwazi ukuthola owesifazane owayefana nencazelo owabe ephika isigameko ngesikhathi ebuzwa ngaso. Emuva kokuphonswa imibuzo kube yilapho owesifazane eveze ukuthi umdlwenguli ubeyisoka lakhe waqinisekisa ukuthi ngempela ubedayisa ngomzimba kodwa wathi akazi ukuthi ukuphi umsolwa.

Lona wesifazane uboshiwe wanikelwa emaphoyiseni kanti ukuthungathwa komsolwa kusaqhubeka.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE