Ungqongqoshe wamaPhoyisa,uMnuz Bheki Cele, uthi uzosula esikhundleni uma uMengameli Cyril Ramaphosa emcela ukuba enze njalo
Ungqongqoshe wamaPhoyisa eNingizimu Afrika, uMnuz Bheki Cele, usephumele obala wathi uma uMengameli Cyril ramaphosa emcela ukuthi esule angakuthokozela lokho.
Lokhu kulandela uphenyo olwenziwe ngodlame lwangoJulayi. Kusolwa ukuthi uMnuz Bheki Cele nezinye izikhulu eziphezulu zamaphoyisa abazange benze konke okusemandleni ukunqanda uthuthuva.
UKhehla Sitole obenguKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke,naye udalulwe emisebenzini yakhe, okuthiwa yisivumelwano phakathi kwakhe noCyril Ramaphosa.
Ngemuva kokuthi uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke ekhululiwe emsebenzini wakhe kwangena ucingo lokuthi ungqongqoshe wamaphoyisa naye akhululwe emsebenzini wakhe.
Ephendula lokhu, uMnuz Bheki Cele uthe uma uMengameli Cyril ramaphosa emcela ukuthi ehle esikhundleni angakuthokozela lokho.
Ezinye zezicelo zokuthi akashenxe esikhundleni uBheki Cele, zisukela ezinsolweni abezenza uKhehla Sitole.