INdlunkulu kaZulu ikhumbula inkosi yamazulu engasekho uZwelithini0
Inkosi eqokiwe uMisuzulu ikhulume emhlanganweni obubanjelwe esigodlweni sikanina – Kwakhangelamankengane yokuhlonipha abazali bayo abashona bobabili ngonyaka odlule.
ISilo saMaZulu esingasekho uZwelithini sikhunjulwa ngamalunga eNdlunkulu kaZulu ngoMgqibelo.
Imikhuleko emibili yenzelwe esigodlweni saKwakhangelamankengane naKwakhethomthandayo KwaNongoma ngoMgqibelo ntambama.
Inkosi eqokiwe uMisuzulu ikhulume embuthanweni obusesigodlweni sikanina – Kwakhangelamankengane yokuhlonipha abazali bayo abashona bobabili ngonyaka odlule.
UMgqibelo wunyaka selokhu kwadlula emhlabeni iSilo uZwelithini.
Izihlobo zaseNdlunkulu zihlangene ezigodlweni ezimbili ezahlukene zizohlonipha iSilo esingasekho.
Ukwehlukana kuyakhombisa nokuthi ubumbano abuzange bube khona emndenini wokuqala waMaZulu.
Abanye bahlangene Kwakhethomthandayo abanye bahlangana Kwakhangelamankengane.
.
Ngenkathi amakhosikazi amahlanu eSilo esingasekho abuthana Kwakhetho nezingane zawo kanye nezihlobo.
Kwenziwa imicimbi eyahlukene ukubungaza iNgonyama.