Intombazane eneminyaka engu-19 ethandana nendoda eneminyaka engu-44 ubudala ithi ijabule ngendlela abathandana ngayo
UKhanyisile Tshabalala ufake isithombe sakhe kuFacebook ekhombisa izwe ukuthi wamazisa kanjani owesilisa akhona empilweni yakhe ukuthi abe naye ebunzimeni nasebubini.
UKhanyisile usebhalele isithandwa sakhe esineminyaka engu-44 incwadi yothando. Izithombe zabo zisuse umsindo kubasebenzisi bezinkundla zokuxhumana babelana ngesithombe beveza imibono yabo.
“Ngiyabonga kakhulu ongenzele khona.Udlule ezikhathini ezinzima, ngiyakuthanda futhi ngiyohlala ngikuthanda. NgoJuni 30 sizoqeda iminyaka emithathu. Abantu bayohlezi bekhuluma”,kusho uKhanyisile.
Ezimweni eziningi ezithinta uthando, singahlangana nezinkulumo eziningi ezithi uthando aluboni futhi iminyaka ayilutho ngaphandle kwenombolo, kodwa singavala amehlo ethu enganeni sithi iminyaka iyinombolo nje? ,kuthini okwakho ukuphawula?
#Umbuzo: Ikhona yini inkinga uma intombazane eneminyaka engu-19 ithandana nendoda eneminyaka engu-44?