Ubeyisasasa umcimbi wokukhangisa ngomsebenzi wezandla owenziwa umphakathi waseMsinga.
Inhloso yalomcimbi ukukhuthaza umphakathi ukuthi ukwazi ukuxosha ikati eziko ngokwenza umsebenzi wezandla,kanye nokudayisa imikhiqizo eyenziwa abantu baseMsinga
-Ukuthuthukisa amakhono.
-Ukwenza osomabhizinisi bakithi ukuthi babenolwazi kanye nokuqeqesheka ekuqhubeni umsebenzi wabo.
UMhlonishwa uMeya uCllr DM Ndlovu uthe uyafisa ukubona abantu beseMsinga bethuthuka ngenxa yemisebenzi yezandla zabo,futhi uyafisa ukubona lemikhiqizo ithengwa nakwamanye amazwe ukuze kuthuthuke osomabhizinisi baseMsinga.
UMhlonishwa uMeya kanye namakhansela wonke aseMsinga banikele ngemali ewuR2 000 kusomabhizini ngamunye noma iqembu ngalinye kulabo bebekhangisa ngemisebenzi yezandla zabo.
Osomabhizinisi bamenywe kuwo wonke amawadi awu21
Imikhakha ehlonziwe yilena elandelayo
-Amabhizinisi aqhutshwa abantu abasha
-Amabhizinisi aphethwe amakhosikazi
-Amabhizinisi ezinhlangano zobambiswano
-Amabhizinisi aqhutshwa abantu abakhubazekile.
v