Abantu baseNingizimu Afrika abahambisani nesitatimende sikaNaledi Pondor mayelana nempi phakathi kweRussia ne-Ukraine
Ngemuva kokuzwa ukuthi kwenzekani e-Ukraine uNaledi Pandor ukhiphe isitatimende esithi iNingizimu Afrika isebenzela ukuhlanganisa zonke izinhlangothi esifundeni.
Uqhube wathi “isimo seNingizimu Afrika bekulokhu (futhi sisaqhubeka) nokukhuthaza zonke izinhlangothi ukuthi ziqinise yonke imizamo yokuxhumana nokugwema ukushuba kwezingxabano, futhi zisebenzele ukuthola isisombululo esibandakanya wonke, esimeme nesinokuthula esisekelwe ekubambisaneni nasekuxoxisaneni,” kusho uPandor.
Kepha uMengameli waseRussia uVladimir Putin ukhiphe isexwayiso ethi noma ngubani ozongena kulolu daba uzobhekana nokubi kakhulu kunalokho okubhekene ne-Ukraine.
Kodwa ngemuva kokubona lesi sitatimende abantu ezinkundleni zokuxhumana babona ukuthi akulungile okwenziwa nguNaledi Pandor ngokufaka iNingizimu Afrika yonkana kulolu daba ngoba manje kufana nokuthi useqoka impi neRussia ngokusho lokhu.